APKPure Appを使用する
UMTHETHOSISEKELO WERIPHABHULIKI ENINGIZIMU AFRIKAの旧いバージョンをダウンロードすることが可能
無料英語プログラムTHIS憲法GREAT REPUBLIC
IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika:
Izilimi ezisemthethweni eRiphabhuliki iSepedi, iSesotho, iSetswana, iSiswati, iTshivenda, iXitsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa nesiZulu.
IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ingumbuso ozimele wentando yeningi owesekwe phezu kwezibopho ezilandelayo:
Isithunzi sobuntu, ukuzuza ukulingana nenqubekela phambili yamalungelo esintu nenkululeko.
Ukungabandlululi ngokobuhlanga nangokobulili.
Ubukhulu bomthethosisekelo nokubusa komthetho.
Ilungelo lokuvota kwabobonke abantu abadala, uhlu lwabo bonke abavoti, ukhetho olwenziwa njalo ngezikhathi ezimisiwe nohlelo lwamaqembu amaningi kuhulumeni wentando yeningi, ukuze kuqinisekiswe ukubhekelela, ukunakekela nokuvuleleka.
Ubukhulu boMthethosisekelo
Lo Mthethosisekelo ungumthetho omkhulu weRiphabhulikhi; umthetho noma isenzo esingahambisani nawo asikho emthethweni, futhi izibopho ezibekwe yiwo kufanele zilandelwe.
Ubuzwe
Ubuzwe bezakhamuzi zaseNingizimu Afrika buyafana.
Zonke izakhamuzi -
zinegunya elilinganayo lokuthola amalungelo, ilungelomvume nezinzuzo zobuzwe; futhi
zethweswe ngokulinganayo izibopho nemithwalo ehambisana nobuzwe.
Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukutholakala, ukulahlekelwa nokubuyiselwa kobuzwe.
Last updated on 2017年06月10日
Minor bug fixes and improvements. Install or update to the newest version to check it out!
UMTHETHOSISEKELO WERIPHABHULIKI ENINGIZIMU AFRIKA
1.0.0 by Red Appz
2017年06月10日